Abstract
Izinkondlo zikaVilakazi zibunjwe ngamagama aqukethe imifanekiso-mqondo kakhulu. Lokhu kunomthelela omuhle nongavamile kubabhali bezinkondlo abaningi. Ngakho-ke ukuhlaziya isakhiwo sangaphakathi ezinkondlweni zakhe yindlela yokuzuza ulwazi nokucobelela labo abanothando lwemisebenzi yezinkondlo. Ucwaningo luzosebenzisa imithombo yolwazi ebhaliwe netholakala emitapweni yezincwadi ebandakanya izincwadi ezitholakala kuzizindalwazi, izincwadi kanye namajenali. Imibono yongoti abayishicilela uma benza ucwaningo lokuzuza iziqu izosetshenziswa. Kuzophinde kusetshenziswe izincwadi ezibhalwe ngababhali bezinkondlo. Isizathu sokusebenzisa le mibono wukuzuza ulwazi olubanzi ngalesi sihloko.
Original language | English |
---|---|
Title of host publication | Trends and Tropes |
Subtitle of host publication | Some Aspects of African Indigenous Literatures of South Africa |
Publisher | Taylor and Francis |
Pages | 84-115 |
Number of pages | 32 |
ISBN (Electronic) | 9781040037461 |
ISBN (Print) | 9781032760551 |
DOIs | |
Publication status | Published - 1 Jan 2024 |
ASJC Scopus subject areas
- General Arts and Humanities
- General Social Sciences
- General Earth and Planetary Sciences