Abalingiswa, Isakhiwo Nesizinda Njengamasu Okuxoxa Indaba Emculweni Kamaskandi

Dumisani Sibiya, Lindokuhle Mkhize

Research output: Chapter in Book/Report/Conference proceedingChapterpeer-review

Abstract

Umculo kaKhansela awuzona izingoma ezijwayelekile kodwa uyizingoma ezixoxa indaba elandelekayo njengendaba emfushane, umdlalo onkundlanye noma onkundlaningi okukanye inoveli. Inhloso enkulu yalesi sahluko wukuveza ubuciko bokuxoxa indaba obutholakala ezingomeni zomculo kamaskandi, ngokubhekisa emculweni kaKhansela noJBC. Indaba kaMajazi ibhalwa iphinde ixoxwe nguye uKhansela. Umlingiswa onguMajazi waduma kakhulu futhi namanje osadumile kubalandeli nakubathandi bomculo kamaskandi. Indaba yokushaywa kwakhe wunkosikazi yaziwa kakhulu ngabalandeli. Masisho ukuthi kuyinto engajwayelekile ukuthi ingoma ixoxe indaba elandelekayo futhi enabalingiswa. Yingakho lesi sahluko sigxila ekuhlaziyeni ubuciko bukaKhansela bokuxoxa indaba emculweni. Kubaculi bakamaskandi cishe nguye yedwa oxoxa indaba enabalingiswa abangaphezu kwabathathu abavezwa benza baphinde bakhulume. Lokhu kuvezwa wubuchule bomculi lapho eguquguqula izwi, ebonisa ukwehlukana kwamazwi abalingiswa asixoxela ngabo. Lokhu kufana ncimishi nobuciko bezinganekwane lapho umxoxi wazo eguquguqula izwi ukukhombisa abalingiswa abehlukene benganekwane (Masondo 1997; Hofmeyr 1994).

Original languageEnglish
Title of host publicationTrends and Tropes
Subtitle of host publicationSome Aspects of African Indigenous Literatures of South Africa
PublisherTaylor and Francis
Pages130-154
Number of pages25
ISBN (Electronic)9781040037461
ISBN (Print)9781032760551
DOIs
Publication statusPublished - 1 Jan 2024

ASJC Scopus subject areas

  • General Arts and Humanities
  • General Social Sciences
  • General Earth and Planetary Sciences

Fingerprint

Dive into the research topics of 'Abalingiswa, Isakhiwo Nesizinda Njengamasu Okuxoxa Indaba Emculweni Kamaskandi'. Together they form a unique fingerprint.

Cite this